2 Chronicles 23:13 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
wabuka; bheka, inkosi yayimi ngasensikeni yayo ekungeneni, izikhulu nabamacilongo bengasenkosini; bonke abantu bezwe bathokoza, bakhalisa amacilongo; abahlabeleli babetha izinto zokubethwa, bahola ukuhlabelela kwendumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ngugobe! Ngugobe!”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wabheka, wayibona inkosi imi ngasensikeni yayo ngasekungeneni. Izikhulu nabamacilongo babenenkosi; bonke abantu bezwe bathokoza, bashaya amacilongo, abahlabelelayo babebetha izinto zokucula, behola indumiso. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wathi: “Ukuvukela umbuso! Ukuvukela umbuso!”