2 Chronicles 25:5 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Futhi u-Amasiya wabutha uJuda, wabamisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwezinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, oJuda wonke noBenjamini; wababala kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, wabafumana beyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu abakhethekileyo abangaphuma impi nabangaphatha umkhonto nesihlangu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Amaziya waqoqa uJuda, wammisa ngokwezindlu zawoyise phansi kwabakhuzi bempi bezinkulungwane nabakhuzi bempi bamakhulu. UJuda wonke noBhenjamini wababala, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, wathola ukuthi bayizi-300 000 abakhethekileyo asebengaphuma impi, nabangaphatha umkhonto nesihlangu.