2 Chronicles 26:15 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wenza eJerusalema imishini eyaqanjwa ngokuhlakanipha ukuba ibe phezu kwemibhoshongo nasezingosini, kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laphumela ekudeni, ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
EJerusalema wakha imishini yempi eyasungulwa ngokuhlakanipha, wayibeka phezu kwemibhoshongo nasezingosini ezithile, ukuze kuphonswe ngayo imicibisholo namatshe amakhulu. Igama lakhe laduma kude naseduze ngokuba wasizwa ngokumangalisayo waze waba namandla amakhulu.