2 Chronicles 28:15 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Namadoda abizwe ngamagama ayesesukuma, abathatha abathunjwa, abembathisa impango bonke ababehamba ze, abembathisa, abafaka izicathulo, abapha ukudla, abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka, abayisa eJeriko umuzi wamasundu kubafowabo; ayesebuyela eSamariya.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Amadoda aqokiweyo abizwa ngamagama, asukuma, abathatha abathunjwa nabo bonke ababehlutshulwe behamba ze, abembathisa ngezimpahla ezaziyimpango, abafaka izicathulo, abapha ukudla, abaphuzisa, abagcoba, abakhweza ezimbongolweni bonke ababebuthakathaka, abayisa kubafowabo eJerikho, umuzi wamasundu; ayesebuyela eSamariya.