2 Chronicles 30:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba babe baningi ebandleni ababengazingcwelisanga; amaLevi ayephezu kokuhlatshwa kwamaphasika abo bonke ababengahlambulukile ukuba abangcwelisele uJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngenxa yokuba babebaningi ebandleni ababengazingcwelisanga, ngakho-ke abaLevi bengamela ukuhlatshwa kwamaphasika abo bonke ababengahlambulukile, ukuze bawangcwelisele uSimakade.