2 Chronicles 32:15 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalokho uHezekiya makanganikhohlisi, anganiyengi ngale ndlela, ningakholwa nguye, ngokuba kwakungekho nkulunkulu nakusiphi isizwe noma kumuphi umbuso owayenamandla okophula abantu bakhe esandleni sami nasesandleni sawobaba; kakhulu kangakanani anganophula esandleni sami uNkulunkulu wenu na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngakho-ke ningamvumeli uHezekiya anikhohlise, aniyenge ngale ndlela; ningakholwa nguye, ngokuba akuzange kube khona nkulunkulu kunoma yisiphi isizwe nombuso owaba namandla okusindisa abantu bakhe esandleni sami, nasesandleni sobaba. Nina-ke nicabanga ukuthi owenu uNkulunkulu anganisindisa esandleni sami na?”