2 Chronicles 35:12 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ayisusa iminikelo yokushiswa ukuba ayabele njengamaqembu ezindlu zawoyise babantu besizwe, ukuze banikele ngayo kuJehova njengokulotshiweyo encwadini kaMose. Enze njalo nakuzo izinkabi.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Babeka eceleni iminikelo yokushiswa ukuze yabelwe abantu besizwe ngokwamaqembu nangokwezindlu zokhokho ukuze bakunikele kuSimakade, njengalokhu kulotshwe encwadini kaMose. Benza kanjalo nasezinkabini.