2 Chronicles 36:22 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba kufezeke izwi likaJehova ngomlomo kaJeremiya uJehova wavusa umoya kaKoresi inkosi yasePheresiya ukuba amemezele embusweni wakhe wonke, alobe futhi ngokuthi:
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuze kufezeke izwi likaSimakade alikhuluma ngomlomo kaJeremiya, uSimakade wavusa umoya kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, ukuba imemezele embusweni wayo wonke, futhi kulotshwe ukuthi: