2 Chronicles 7:3 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaJehova iphezu kwendlu, bakhothama phansi ngobuso phezu kwendawo egandaywe ngamatshe, bakhuleka, babonga uJehova, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngesikhathi abantu bakwa-Israyeli bebona ukwehla komlilo, nenkazimulo kaSimakade iphezu kwendlu, bakhothama bathi mbo ngobuso emhlabathini, phezu kwendawo eyayigandayiwe, bakhuleka, bambonga uSimakade, ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade.