2 Chronicles 7:6 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Abapristi bema njengezikhundla zabo kanye namaLevi, benezinto zokubethwa ayezenzile uDavide inkosi ukuba babonge uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade, lapho uDavide edumisa ngezandla zabo; abapristi bakhalisa amacilongo ngaphambi kwabo, esemi wonke u-Israyeli.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abaphristi nabaLevi bema ngokwezikhundla zabo, bephethe izinto ezishaywayo ezazenziwe nguDavide, inkosi, ukuba babonge uSimakade, ngokuba umusa wakhe umi phakade, ngesikhathi uDavide edumisa ngezandla zabo; abaphristi babeshaya amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wayemile.