2 Corinthians 12:11 — Compare Translations

3 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kufanele ngabe nginconywa yinina. Angisilele ngalutho kubaphostoli abaqavile kakhulu, noma ngingento yalutho.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Sengibe yisiwula ngokuzibonga; ningiphoqile nina, ngokuba mina bekufanele ukuba nginconywe yinina, ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abakhulu kunabo bonke, noma ngingelutho.