2 Corinthians 12:20 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba nginovalo lokuthi lapho ngifika kini, mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikulindele, nami ningifumane nginjengalokho eningakulindele. Nginovalo, hleze kube khona ukuphikisana, umona, ukuthukuthela, imibango, ukuhleba, ukuzikhukhumeza nezinxushunxushu,
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Ngoba ngiyesaba ukuthi, nxa ngifika, kangizalithola linjengengikuthandayo, njalo ngifunyanwe kini nginjengemibango, umhawu, ulaka, ukuxabana, ukuhleba, ukuhlebeza, ukuzikhukhumeza, ukuxokozela: