2 Corinthians 12:7 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
ikakhulu uma umuntu ezwa ngemibono yami exakileyo. Ngakho-ke ukuze ngingaziphakamisi kakhulu, nganikwa iva emzimbeni, ukuba ingelosi kaSathane ingimukule, funa ngiziphakamise kakhulu.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Futhi ukuze ngingaziphakamisi ngokungaphezu kwesilinganiso ngobuningi bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane ukuba ingishaye, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu.