2 Corinthians 3:14 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kodwa ingqondo yabo yaba lukhuni. Ngokuba kuze kube sosukwini lwanamuhla, nxa kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isahlezi ingambuliwe, ngokuba iyapheliswa kuKristu;
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha yaba lukhuni ingqondo yabo, ngokuba kuze kube yinamuhla uma kufundwa isivumelwano esidala, leyo ndwangu isalokhu ihlezi ingembuliwe, kodwa yembulwa kuphela kuKhristu.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kepha izingqondo zabo zaphuphuthekiswa, ngokuba kuze kube namuhla sisalokhu kufundwa isivumelwano esidala singambulwanga. okuyindwangu echithwa kuKristu.