2 Kings 11:14 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
wabuka, bheka, inkosi yayimi ngasensikeni njengomthetho, izikhulu nabamacilongo bengasenkosini; bonke abantu bezwe bathokoza, bakhalisa amacilongo. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wamemeza ngokuthi: “Ngugobe! Ngugobe!”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
wabona inkosi imi ngasensikeni njengokusho komthetho. Izikhulu nabamacilongo babengakuyo, bonke abantu bahlala ezweni bethokozile, beshaya amacilongo. U-Athaliya waklebhula izingubo zakhe, wamemeza, wathi: “Wugobe! Wugobe!”