2 Kings 13:25 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa. UJowashi wamahlula kathathu, wabuyisa imizi yakwa-Israyeli.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJehowashi, indodana kaJehowahazi, wamephuca uBheni Hadadi, indodana kaHazayeli, leyo mizi ayekade eyidle empini kusabusa uyise, uJehowahazi. UJowashi wamehlula kwaze kwaba kathathu, wayibuyisa imizi yakwa-Israyeli.