2 Kings 14:23 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngonyaka we-15 wokubusa kuka-Amaziya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobhowamu, indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya; wabusa iminyaka engama-41.