2 Kings 14:6 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha akawabulalanga amadodana ababulali, njengalokhu kulotshiwe encwadini yomthetho kaMose; ngokomyalo kaSimakade, othi: “Abazali abayukubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayukubulawa ngenxa yabazali, kodwa yilowo nalowo uyobulawelwa izono zakhe.”