2 Kings 16:15 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Inkosi u-Ahazi yamyala u-Uriya umpristi ngokuthi: “Shisa e-altare elikhulu umnikelo wokushiswa wasekuseni, nomnikelo wempuphu wakusihlwa, nomnikelo wokushiswa wenkosi, nomnikelo wayo wempuphu kanye nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu bezwe, nomnikelo wabo wempuphu, neminikelo yabo yokuphuzwa, ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa nalo lonke igazi lomhlatshelo; kodwa i-altare lethusi liyakuba ngelami ukubuza ngalo.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Inkosi u-Ahazi yamyala u-Uriya, umphristi, yathi: “E-althare elikhulu shisa umnikelo wokushiswa wasekuseni, umnikelo wokusanhlamvu wakusihlwa, umnikelo wokushiswa wenkosi, nomnikelo wayo wokusanhlamvu nomnikelo wokushiswa wabo bonke abantu abasezweni: umnikelo wabo wokusanhlamvu, neminikelo yabo yokuphuzwayo. Ulifafaze ngalo lonke igazi lomnikelo wokushiswa, nalo lonke igazi lomhlatshelo, kodwa i-althare lethusi lizokuba ngelami, ukubuza izinto kulo.”