2 Kings 18:32 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo nezinyosi, ukuba niphile, ningafi.’ Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho eniyenga ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini, izwe leminqumo, lamafutha amasha neloju, ukuba niphile, ningafi.’ “Futhi ningamlaleli uHezekiya, lapho enidukisa ethi: ‘USimakade uzosisindisa.’