2 Kings 18:37 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umlobi, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Eliyakimi, indodana kaHilikiya owayengamele isigodlo, uShebhina, umbhali, noJowa, indodana ka-Asafa, umqophi, babuyela kuHezekiya izingubo zabo beziklebhulile, bamlandisa amazwi ayekhulunywe nguRabi Shake.