2 Kings 21:7 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera* asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade;
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera ayesenzile endlini uSimakade ayekhulume ngayo kuDavide noSolomoni indodana yakhe, wathi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizwaneni zonke zakwa-Israyeli ukuba ngibeke khona iGama lami, kuze kube phakade.