2 Kings 23:16 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJosiya waphenduka, wabona amathuna ayelapho entabeni; wathumela wakhipha amathambo emathuneni, wawashisa e-altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owamemezela lezi zinto.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJosiya waphenduka wabona amathuna ayelapho entabeni; wathumela, wawakhipha amathambo emathuneni, wawashisa e-althare, walingcolisa njengokusho kwezwi likaSimakade elamenyezelwa ngumuntu kaNkulunkulu owayememezela lezi zinto.