2 Kings 23:24 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Futhi abanamadlozi, nabathakathi, namatherafi,* nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya umpristi ayifumanayo endlini kaJehova.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Abanamadlozi, abathakathi, amatherafi, izithombe nazo zonke izinengiso ezazibonakala kwaJuda naseJerusalema, uJosiya wakususa ukuze afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya, umphristi, ayeyithole endlini kaSimakade.