2 Kings 23:35 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro. Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide, kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJehoyakimi wanika uFaro isiliva negolide; wathelisa izwe ukuze anike uFaro imali njengokusho kwakhe. Wakhiphisa abantu ababehlala ezweni isiliva negolide, ukuze akunike uFaro Nekho.