2 Kings 25:17 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezintathu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ukuphakama kwensika eyodwa kwakungamakhubhithi ali-18; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakungamakhubhithi amathathu. Kwakukhona nenetha namahananadi phezu kwesihloko, nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.