2 Kings 25:19 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisihlanu kwababesebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
yathumba emzini induna eyayibekwe ukwengamela amabutho, abantu abayisihlanu ababesondelene nenkosi abatholwa emzini, umbhali womkhuzi wempi eyayibala abantu ezweni, kwatholakala ezweni abantu abangama-60 ababehlala emzini.