2 Kings 3:1 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJehoramu indodana ka-Ahabi waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili kaJehoshafati inkosi yakwaJuda, wabusa iminyaka eyishumi nambili.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngonyaka we-18 wokubusa kukaJehoshafathi, inkosi yakwaJuda, uJehoramu, indodana ka-Ahabi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya. Wabusa iminyaka eli-12.