2 Kings 4:25 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wayesehamba-ke, wafika kulowo muntu kaNkulunkulu entabeni yaseKarmeli. Kwathi lapho lowo muntu kaNkulunkulu embona esekude, wathi kuGehazi inceku yakhe: “Bheka, nanguya umShunemikazi;
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Wayesehamba-ke, wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni iKharmeli. Kwathi lapho umuntu kaNkulunkulu embona phambi kwakhe, wathi kuGehazi, inceku yakhe: “Bheka, nanguya umShunemikazi;