2 Kings 6:32 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Yayisithuma umuntu phambi kwayo, u-Elisha esahlezi endlini yakhe, namalunga ehlezi naye; kepha, singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukunquma ikhanda lami na? Bhekani, ekufikeni kwesithunywa manivale isivalo, nisibuyisele emuva isithunywa ngesivalo; angithi izigqi zezinyawo zenkosi yaso zisemva kwaso na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Yayisithumela isithunywa phambi kwayo; u-Elisha wayehleli endlini yakhe, namalunga ehleli naye; kepha singakafiki kuye isithunywa, wathi emalungeni: “Niyabona yini ukuthi le ndodana yombulali ithumele ukuze kunqunywe ikhanda lami na? Bhekani, kuyokuthi lapho sifika isithunywa nivale umnyango nisicindezele ngawo. Kanti izigi zenkosi yaso azikho yini emva kwaso na?”