2 Kings 8:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
U-Elisha wayekhulumile nowesifazane ondodana yakhe ayivusile ngokuthi: “Suka uhambe wena nabendlu yakho, uhlale lapho ungahlala khona, ngokuba uJehova umemezele indlala, futhi iyakufika ezweni iminyaka eyisikhombisa.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Elisha wayekhulume kowesifazane ayevuse indodana yakhe yaphila, wathi: “Suka uhambe nabendlu yakini, uyohlala lapho ungahlala khona, ngokuba uSimakade ubikezele ukuthi kuzokuba nendlala ezohlasela izwe iminyaka eyisikhombisa.”