2 Samuel 1:4 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UDavide wayesethi kuye: “Bekunjani na? Ake ungitshele.” Wathi: “Abantu babalekile empini, nabantu abaningi bawile, bafa; oSawule noJonathani indodana yakhe bafile nabo.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UDavide wathi kuyo: “Bekuhamba kanjani? Ake ungitshele.” Yaphendula yathi: “Abantu babalekile empini, futhi abaningi bafile; uSawule noJonathani, indodana yakhe, nabo bafile.”