2 Samuel 10:3 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kepha izikhulu zabantwana bakwa-Amoni zathi kuHanuni inkosi yazo: “Imbala ngokubona kwakho uDavide uthume abaduduzi kuwe ukuba atuse uyihlo na? UDavide akazithumanga yini izinceku zakhe kuwe ukuba ziphenye umuzi, ziwuhlole, ziwuchithe, na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kepha abaholi babantu bakwa-Amoni bathi kuHanuni, inkosi yabo: “Uma ubheka, ucabanga ukuthi uDavide uthumele abazokududuza ngoba ehlonipha uyihlo na? Akungakho yini ukuba izinceku zakhe zizohlola umuzi, bese ziwubhubhisa na?”