2 Samuel 11:1 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Emva komnyaka ngesikhathi sokuhlasela kwamakhosi uDavide wamthuma uJowabe nezinceku zakhe zinaye kanye no-Israyeli wonke, babachitha abantwana bakwa-Amoni, bavimbezela iRaba; kepha uDavide wahlala eJerusalema.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Kwathi sekwedlule unyaka, ngesikhathi amakhosi aphuma ngaso ukuyohlasela izitha zawo, uDavide wathumela uJowabe nezinceku zakhe no-Israyeli wonke, ukuba bayoshaya babhuqe kubantu bakwa-Amoni. Balivimbezela iRabha, nokho uDavide wayeseJerusalema ngaleso sikhathi.