2 Samuel 11:13 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Esebiziwe nguDavide wadla waphuza phambi kwakhe; wamdakisa; kusihlwa waphuma ukuyolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, kepha akehlelanga endlini yakhe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UDavide wambiza futhi, wadla phambi kwakhe, waphuza waze wadakwa, waphuma ebusuku wayolala embhedeni wakhe kanye nezinceku zenkosi, akazange ehlele endlini yakhe.