2 Samuel 15:12 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
U-Abisalomu wathuma walanda u-Ahithofeli umGiloni, umluleki kaDavide, emzini wakubo waseGilo, esanikela ngemihlatshelo. Uzungu lwaqina, abantu banda njalo ku-Abisalomu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Absalomu wathumela ku-Ahithofeli, umGiloni, umeluleki kaDavide owayevela emzini iGilo, lapho esanikela ngemihlatshelo. Lwaqina-ke uzungu, futhi banda nabantu ngasohlangothini luka-Absalomu.