2 Samuel 15:20 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ufikile izolo nje; ngikuzulazulise nathi yini namuhla, ngisahamba lapho ngiya khona, na? Buya wena, ubuyise nabafowenu; umusa neqiniso makube nawe.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Usanda kufika nje, manje usufuna ngikuzulazulise nathi na? Mina ngisaya lapho ngiya khona. Phindela emuva wena, ubuyele nabafowenu; umusa neqiniso kube nawe.”