2 Samuel 17:8 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Wathi futhi uHushayi: “Uyamazi uyihlo nabantu bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere* elaphucwe amazinyane alo endle; uyihlo uyindoda yempi, akayikuhlala nabantu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UHushayi wabuye wathi: “Uyazi ukuthi uyihlo nabantu bakhe bangamaqhawe, nokuthi bacasukile ezinhliziyweni, bafana nebhele elephucwe amazinyane alo ehlane. Uyihlo uyindoda yempi, akasoze alala lapho kulele khona abantu.