2 Samuel 18:5 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Inkosi yabayaleza oJowabe no-Abishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami, ngisho u-Abisalomu.” Bonke abantu bezwa, lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Abisalomu.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Inkosi yayaleza uJowabe, u-Abhishayi no-Ithayi, yathi: “Anoyiphatha kahle insizwa ngenxa yami; ngisho u-Absalomu.” Bonke abantu bezwa lapho inkosi iyaleza zonke izinduna ngo-Absalomu.