2 Samuel 19:22 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UDavide wathi: “Ngizokwenzenjani ngani madodana kaZeruya, njengoba namuhla nimelane nami na? Kufanele yini ukuba namuhla kube khona obulawayo kwa-Israyeli na? Kanti angazi yini ukuthi namuhla ngiyinkosi kwa-Israyeli, na?”