2 Samuel 19:28 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngokuba bonke abendlu kababa kwakufanele ukuba bafe, kodwa inkosi yami yayibeka inceku yayo nalabo abadla etafuleni layo. Ngisenalungelo lini ukuba ngingabuye ngikhale enkosini na?”