2 Samuel 2:27 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UJowabe wathi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade, ukuba ubungakhulumanga, abantu bonke bebeyobe sebekuyekile kusasa ukuhubha abafowabo.”