2 Samuel 20:12 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza u-Amasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
U-Amasa wadindiliza egazini lakhe phakathi nendlela. Kuthe lapho lowo muntu ebona ukuthi bonke abantu bafike beme ngaku-Amasa, wayesemgudlula endleleni. Wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, ngoba wayebabona abantu belokhu bedlula ngakuye bema.