2 Samuel 20:15 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bafika bamvimbezela e-Abela laseBeti Mahakha, banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni; abantu bonke ababe noJowabe babhidliza ugange ukuba luwe.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Impi kaJowabe yafika yavimbezela i-Abheli eBhethi Mahakha. Benza indunduma ngasodongeni, ababezohlasela umuzi bekuyo. Ibutho likaJowabe lashaya ugange ukuze luwe.