2 Samuel 23:20 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UBhenaya, indodana kaJehoyada, wayeyindoda eyiqhawe elinamandla, elenza imisebenzi emikhulu. WayengowaseKhabizeyeli; wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi, waphinde wehla, wabulala ingonyama emgodini ngosuku likhithikile.