2 Samuel 24:13 — Compare Translations

2 translations compared side by side

Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UGadi wayesefika kuDavide, wamtshela, wathi kuye: “Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na? Manje cabanga, ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UGadi wafika kuDavide wambikela, wathi kuye: “Izofika yini kuwe: iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma izinyanga ezintathu ubaleka ezitheni eziyobe zilokhu zikuxoshile, noma izinsuku ezintathu zobhubhane ezweni lakini na? Manje-ke, cabangisisisa, unqume ukuthi mpendulo yini engizokuyibuyisela kongithumileyo.”