2 Samuel 6:2 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.*
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
UDavide wasuka wahamba nabo bonke abantu ayenabo, besuka eBhali Juda, ukuyolinda umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, igama likaSimakade Wamabandla ohlala phezu kwamakherubhi.