2 Samuel 6:3 — Compare Translations
2 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Bawuhambisa umphongolo kaNkulunkulu ngengqukumbane entsha, bewukhipha endlini ka-Abinadaba eyayisegqumeni; o-Uza no-Ahiyo amadodana ka-Abinadaba bashayela leyo ngqukumbane entsha.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Bawukhweza enqoleni entsha umphongolo kaNkulunkulu, bawususa endlini ka-Abhinadaba eyayiseGibheya. U-Uza no-Ahiyo, amadodana ka-Abhinadaba, yibona ababeshayela leyo nqola entsha.