Acts 13:25 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Ngasekupheleni kwempilo yakhe uJohane, wathi: ‘Nicabanga ukuthi ngingubani mina na? Mina angisiye, kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula ngisho isicathulo ezinyaweni zakhe.’
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi uJohane eseqedile ukuhamba kwakhe, wathi: Nithi ngingubani na? Angiyena. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami, engingafanele ukuthukulula izicathulo zakhe ezinyaweni zakhe.