Acts 15:2 — Compare Translations
3 translations compared side by side
Zulu 1959 (IBHAYIBHELI ELINGCWELE)
Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba.
Zulu 2020 (IsiZulu 2020)
Lokho kwadala ukungaboni ngaso linye nempikiswano phakathi kwabo noPawula noBharnabha, base benquma ukuba uPawula, uBharnabha, nabathile babo bakhuphukele eJerusalema, baye kubaphostoli nakumalunga maqondana nalolu daba.
Zulu 2023 (Baasraak Zulu New Testament Bible)
Kwathi ukuphikisana nokuphikisana kukaPawulu noBarnaba okungekuncane nabo, banquma ukuba uPawulu noBarnaba, nabanye kubo, bakhuphukele kubaphostoli namalunga eJerusalema ngalowo mbuzo.